UMasemola uthi akakaze alivale ithimba elibhekene nokubulala kwezepolitiki

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, ukuphikile ukuthi walivala ithimba elibhekene nokubulawa kwezepolitiki.

UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke ubekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu.

Lesi sithangami siza ngemuva kwezinsuwana uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi, ebenesithangami nabezindaba, lapho adalule khona izinsolo ezithinta uSenzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaphoyisa.

Uveze ukuthi kukhona ukugxambukela kwezepolitiki ophenyweni lwamaphoyisa.

OLUNYE UDABA: URamaphosa uthembise ngokubhekana nalabo abathintekayo odabeni oludalulwe nguMkhwanazi

Ngaphezu kwalokho, uMkhwanazi uveze ukuthi angu-125 esewonke amadokodo amacala abesaphenywa aphucwa ithimba elijutshwe yiSekela likaKhomishana kazwelonke, uLieutenant-General Sibiya, owayesebenza ngokomyalelo kaNgqongqoshe wamaPhoyisa.

Kodwa uMasemola ukuchithile lokhu, wathi akakaze asayine ukuthi livalwe ithimba.

“Angikaze ngiyibone incwadi engisayinele ukuthi ngivale ithimba,” usho kanje.

UMasemola uphinde wathi ezokuvikela uMkhwanazi seziqinisiwe.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)