Uyagwetshwa umbulali kaSindiso Magaqa

Indoda eyazivumela yona ukubulala owayenguNobhala Jikelele wophiko lwentsha ye-African National Congress, uSindiso Magaqa, izolalela namuhla isigwebo sayo.

INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu kulindeleke ukuthi ikhiphe isigwebo.

USibusiso Ncengwa ungomunye wamadoda amathathu asolwa ngokubulala uMagaqa.

UNcengwa uvumile ukuthi wadubula uMagaqa namanye amakhansela amabili ngoJuly 2017 eMzimkhulu.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba kugwetshwe ummangalelwa kwelokubulawa kukaSindiso Magaqa

UMagaqa washonela esibhedlela saseThekwini emasontweni ambalwa kulandela isigameko, kwathi ezinye izisulu ezimbili zesifazane zasinda lapho zazihlaselwa khona.

Ekuvumeni kwakhe icala, uNcengwa unikeze imininingwane ngokwenzeka ngaphambi nangemuva kwesigameko sokuhlasela, nokuthi wasebenzisana kanjani nasolwa nabo. Inkantolo yakwamukela ukuvuma kwakhe njengecala.

Icala elibhekene nabanye abasolwa ababili uSbonelo Myeza noMbulelo Mpofana lizoqhubeka ngo-October.

Umsolwa wesine, uMlungisi Ncalane, ugcinwe esikhungweni sabagula ngokwengqondo.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)