Odokotela abangasebenzi babambe umbhikisho ehhovisi likaNdunankulu

Babalelwa kwabangu-100 odokotela abangasebenzi abaphinde bahlangana ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal.

Namuhla ekuseni kunguMsombuluko leli qembu litheleke okwesithathu eMgungundlovu, ngenhloso yokuhlala khona isonto elizayo.

Labo dokotela bafuna imisebenzi ezikhungweni zezempilo zikahulumeni eKZN.

OLUNYE UDABA:Bagcwele intukuthelo odokotela ngezinsongo zikahulumeni zokunciphisa amahora

UKenneth Sithole omunye wabagqugquzeli, okunguye ohambise uhlu lwezimfuno, uthe kulindeleke ukuthi kube khona odokotela abaningi kulo mbhikisho ngoMsombuluko.

“Enye yezinto ezibalulekile, vele, kuwukuthi kuqashwe bonke odokotela abangasebenzi esifundazweni ngokukhulu ukuphuthuma, kanjalo nabanye ochwepheshe bezempilo.

“Kodwa enye into esiyishilo kuleyo ncwadi wuhlelo oluqhubekayo lokuthi uhulumeni uhlela kanjani ukubhekana nezinkinga zokushoda kwabasebenzi emkhakheni wezempilo wonkana.”

Uthe uhulumeni kumele asukume ngokushesha ukubhekana nezingqinamba ezibhekene nohlelo lwezempilo.

“ Bayazi ukuthi umkhakha wezempilo usenkingeni, kodwa impendulo yabo ayihambisani nokuqwashisa ngenhlekelele ekhona emkhakheni wngoba ngokwesimo esibucayi, awulindi isikhathi eside ukuthi ulungise izinkinga.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)