Odume ngelikaMakaTha ubanjwe inkunzi abashayeli beBolt eThekwini

Usimthande myeza odume ngelikamakaTha ezinkundleni zokuxhumana uvelelwe wumshophi.

 USimthande ugibele ubolt endaweni yaseMbilo eThekwini kanti ugitshezwe yizigebengu zamubamba inkunzi zimkhombe ngesibhamu.

Lezi zigebengu zimubmboze ubuso zamubopha iznandla zahamba naye kwayiwa endaweni engaziwa.

OLUNYE UDABA: Kushone owesilisa izigebengu zizama ukuduna imoto eNewlands West

UMakufikwa kuleyo ndawo engaziwa zavula iselula yakhe zakwazi ukungena kwi-App yebhange alisebenzisayo zayiqonqotha yonke imali ebikhona ebhange lakhe.

Kuthe sezibona ukuthi ungubani zashayela umndeni, izihlobo, abangani nabantu asebenza nabo zifuna imali kubo zithembisa ukumbulala uma bengayikhiphi imali.

Ngesikhathi sebeyitholile imali babe sebemkhumula yonke impahla abeyiqgokile bamthatha izithombe nama-video bemphoqa ukuba enze izinto ezingenakukhulunywa.

USimthande lezi zigebengu zimdedele ngoLwesithathu ekuseni nakhona zisaqhubeka nokumsabisa.

Udaba lubikelwe amaphoyisa kanti uSimthande usendaweni ephephile.

Isitatimende esikhishwe umndeni ku-Facebook:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)