

Ifohloke yaphela imoto kulandela ukugingqika yayophelela ehlathini ku-Inanda Road ngaseTrenance Park eVerulam, KwaZulu-Natal.
Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe endaweni yesigameko yisakhamuzi ngezithuba zabo-03:59 ngeSonto ngemuva kokuzwa ingozi.
Ngesikhathi abe-RUSA befika basesha indawo bathola imoto yohlobo lweToyota Camry eluhlaza okwesibhakabhaka icekeleke phansi isehlathini, izikhiye zayo ziphakathi emotweni.
OLUNYE UDABA: Usesitokisini umfana, 12, odale ingozi edlule nomphefumulo
Umnikazi wemoto kubikwa ukuthi ufike endaweni yesigameko, wabe esetshela abe-RUSA ukuthi ubephuza utshwala ethaveni. Ubehlose ukuhamba, kodwa akakwazanga ukuthola izikhiye zemoto yakhe kanye nemoto.
Uqhube ngokuthi ube esebikelwa ukuthi imoto igingqike endaweni ebuqamama nethaveni.
IZITHOMBE:





Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
