
Kudutshulwe kwabulawa umsolwa obefunwa uthuli ngamacala okubamba inkunzi imoto yemali ngesikhathi bedubulana namaphoyisa KwaZulu-Natal kwaMaphumulo.
Kuyimanje kuthungathwa umsolwa wesibili okwazile ukubalekela ukuboshwa.
Kuphuthunyiswe amaphoyisa amabili esibhedlela eyothola ukwelashwa kulandela ukulimala kulesi sigameko.
Ithimba lilandele la madoda amabili endaweni ecashile enyakatho yeKwaZulu-Natal ngesikhathi kunomkhankaso wobunhloli.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eKZN
Kutholwe izibhamu, izimoto ezebiwe kanye nenani elikhulu leziqhumane endaweni yesigameko.
Amaphoyisa akholwa wukuthi lokhu kukhomba ukuthi abelungiselela obunye ubugebengu.
Ithimba lamaphoyisa kanye nonogada abazimele benze lo msebenzi.
Bebesanda kubuya emsebenzini othathe isonto lonke eGauteng ngesikhathi bephendula ezobunhloli.
Kubikwa ukuthi bebeseGauteng belandela izikhohlakali zokubamba inkunzi imoto yemali.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
