BUKA: Amaphoyisa eshaya umfundi ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho eKZN

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya ngobuqiniso be-video eveza amaphoyisa eshaya umfundi wesikole samabanga aphezulu ngesikhathi emkhomba evenini yamaphoyisa.

Kusabalele i-video ezinkundleni zokuxhumana yabafundi baseJozini eKZN, okubikwa ukuthi abezikole ezintathu iSinethezekile High School, Ezibukweni High School, naseGugulesizwe Secondary School, okuvele ukuthi bayabhikisha.

OLUNYE UDABA: Buka: Kubanjwe amamashi e#Justice4Cwecwe

Le video, ethathwe umuntu obesemotweni, itshengisa abafundi begijima emgwaqeni owubhuqu ngaphambi kokuba kuqhamuke iveni lamaphoyisa ophiko lweSouth African Police Services (Saps) ebelihamba ngesivinini esiphezulu, lihubha abafundi abebebaleka.

Iveni yamaphoyisa igcine ima ngaphansi kwesihlahla, iphoyisa lagijumaliqonde ngqo kumfundi ogqoke umfaniswano wesikole lafike lamshaya ekhanda.

Amaphoyisa eKZN athi awabonile ama-video.

“Ukuziphatha okunjalo akwamukelekile, kanti ubuqiniso be-video kuzophenywa. Uma amaphoyisa kutholakala ukuthi asebenzise udlame, azothathelwa izinyathelo,” kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda ngoLwesine.

IVIDEO:

The Ciizen