
Njengoba izinkulungwane zabasubathi zilungiselela ukungenela iComrades Marathon yodumo ezosuka eMgungundlovu ize iyosongwa eThekwini kusasa, ngeSonto, kungumhlaka-8 June, isimo sezulu kulindeleke ukuthi sibe nendima enkulu osukwini.
I-South African Weather Service (SAWS) ikhiphe izeluleko eziyisipesheli, inxusa ababambiqhaza nabasekeli ukuthi baqaphele lesi sibikezelo sezulu futhi bazilungiselele ngendlela efanelekile.
I-ultramarathon izoqala eMgungundlovu ngaphansi kwesimo sezulu esiguqubele namafu ahlangene. Izinga lokushisa lekuseni lilinganiselwe ku-13°C, kanye nomoya opholile ozobe uvunguza ngaseningizimu-mpumalanga.
OLUNYE UDABA: Uhlu lwemigwaqo ezovalwa ngenxa yeComrades Marathon eThekwini
Yize umoya ungase uze ngamandla ekuqaleni, abasubathi bangalindela ukuthi izulu lithi ukushisa kancane kancane, amazinga okushisa anyukele ku-23°C emini.
Njengoba abasubathi bezobe begijima bebheke eThekwini, izulu lizoguquka.
Kubikezelwe isimo sezulu esfudumele eThekwini ngamazinga asuka ku-17°C ekuseni anyukele ku-25°C ntambama.
Nakuba kunjalo, lokhu kushisa kuza nesixwayiso sokuba kuqashelwe amakhaza njengoba kulindeleke umsinga obandayo emini ogwini, okungase kuze nomkhemezelo nomoya omkhulu.
Ntambama, ikakhulukazi kulabo abaqeda kamuva emjahweni, kungase kuqale kubemnyama kanti nomoya ungase ubemningi kuze nezivunguvungu ezifinyelela ku-40 km/h ngasogwini olwandle.
Ngenxa yalezi zimo, abasubathi bayalulekwa ukuthi baqaphele futhi balandele ezokuphepha baphinde bazilungiselele ngendlela efanelekile.
Izangoma zezulu zizoqhubeka nokuqapha isimo nokukhipha izibuyekezo
Uma kunesimo esiphuthumayo, umphakathi ungathintana nesikhungo sokulawulwa kwezinhlekelele eThekwini ku-031 361 0000, kusho isitatimende.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
