UKomphela uthi bazophendula amatafula kwiPyramids

Isikela lomqeqeshi leMamelodi Sundowns uSteve Komphela, uthi bazozama ukuguqula izinto uma sebebhekene nePyramids yaseGibhithe osukwini lwangeSonto nalapho bezodlala umlenze wesibili.

UKomphela uthi uyakholelwa kakhulu kubadlali bakhe kulo mdlalo nakuba sebenesikweletu sokuthi beshaye igoli kumnyama kubomvu kulo mdlalo.

UKomphela uthi kuzofanele bekhohlwe ngokwenzekile emdlalweni wabo odlule begxilise imiqondo yabo kumdlalo wangeSonto.

OLUNYE UDABA: Iyaqina imibiko ngoNcikazi ozovala isikhala sikaRiveiro kweZimnyama

Khonamanjalo uCardoso naye uhambe emazwini kaKomphela nalapho ethi bazimisele ngokuthi baguqule izinto eCairo.

Kubhekiwe osukwini lwangeSonto ukuthi Lucas Ribeiro aqhubeke nokuyishayela iDowns amagoli kulo mdlalo njengoba evutha engabaselwe kulezi zinsuku.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit