
Izikhulu ze-Orlando Pirates kuvela ukuthi zifuna ukunikeza uMandla Ncikazi ithuba lokuhola i-Orlando Pirates kwisizini entsha ezoqala ka-2025/26 njengoba kusanda kushiya uJose Riveiro.
UMandla Ncikazi uyena oqedele imidlalo yeBetway Premiership njengoba uRiveiro eshiye kuMabhakaniya isizini ingakapheli, emdlalweni wakhe wokugcina washaya iGolden Arrows.
OLUNYE UDABA: UNcikazi uncoma ubuholi bukaRiveiro
Imibiko iveza ukuthi abaphathi bePirates bafuna uNcikazi ukuthi kube nguye ozohola iPirates, nakuba ziningi izicelo esezifakwe abaqeqeshi abahlukene ukuzothatha umsebenzi kaRiveiro kodwa abanye abaphathi bamile ekutheni uNcikazi kube nguye oqhubeka nalo msebenzi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
