
Indoda eneminyaka engu-29 ubudala izofaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseBoksburg.
Le ndoda isolwa ngokudlwengula nokukhulelisa intombazane eneminyaka engu-11 ubudala.
Umsolwa kusolakala ukuthi waqala ukudlwengula le ngane yentombazane iseneminyaka eyisithupha ubudala.
OLUNYE UDABA: “Izibalo zokudlwengulwa kuleli ziyehluleka ukuveza ubucayi besimo”
Kusenziwa ulibofuzo ukuze kubonakale ukuthi ngabe nguye yini umenzi wobubi.
Umsolwa uboshwe ngemuva kokuba ingane idalule inkinga enayo kumama wayo.
Ngaphambilini ngesikhathi umsolwa evele enkantolo, amalungu omphakathi abhikisha, ethi afuna umsolwa anqatshelwe ibheyili.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
