Injabulo elakuleli lingena kowamanqamu kwi-AFCON

Umqeqeshi weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika labadlali abaneminyaka engaphansi kwengu-20 ubudala (Amajita) uRaymond Mdaka usencome ukuzinikela kwabadlali bakhe kumqhudelwano ka-under 20 Africa cup of Nations eqhubeka eGibhithe.

Amajita ashaye iNigeria osukwini lwayizolo ngegoli elilodwa emdlalweni owandulela owamanqamu. Igoli leNingizimu Afrika livalelwe phakathi nguTylon Smith.

OLUNYE UDABA: IMamelodi Sundowns isingompetha abasha beBetway Premiership

Amajita kubhekwe ukuthi aphephezelise ifulegi laseNingizimu Afrika osukwini lwangeSonto uma sebebhekene ne-Morocco emdlalweni wamanqamu ngeSonto eCairo.

Kuzokhumbuleka ukuthi iMorocco yona ikhiphe osokhaya i-Egypts kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.

URaymond Mdaka usencome ukuzinikela kwabadlali bakhe njengoba ethi kusukela uqala lo mqhudelwano abafana bakhe sebekhombise ukuzinikela kakhulu kuwona.

Uyasho ukuthi umdlalo wabo ne-Nigeria ubungelula neze kodwa ubonga ukuthi ukwazile ukuthi egcine elishayile iqembu leNigeria.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

One thought on “Injabulo elakuleli lingena kowamanqamu kwi-AFCON

  1. **mitolyn reviews**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *