
ITheku lilindele ukuzuza imali engaphezu kuka-R93million womnotho ozobe udalwe yiSoweto derby kule mpelasonto.
Idolobha lizosingatha umdlalo wamanqamu weNedbank Cup phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.
Lo mdlalo kulindeleke ukuthi udonse izinkulungwane zabalandeli abavela ezweni lonke, okudale isiphithiphithi enkundleni yezemidlalo, imikhakha yezokuthutha, ezokuvakasha nezokungcebeleka edolobheni.
Okhulumela umasipala weTheku, uGugu Sisilana, uthe idolobha libona imicimbi efana nalena njengengaphezu kweyezemidlalo kodwa njengaleyo eqinisa amandla omnotho.
OLUNYE UDABA: UMkhwanazi uxwayisa abangenawo amathikithi eMabhida
“Ukusingathwa kwemicimbi yalolu hlobo kukhuphula amabhizinisi endawo kanye nemboni yezokuvakasha. Lo mdlalo kulindeleke ukuthi ubenomthelela oqondile kwezomnotho ongaphezu kuka-93million wamarandi. Ngenxa yemiphumela engaqondile, isamba somnotho we-GDP weTheku singaphezu kuka-R230m,” kusho uSisilana.
Ubuye wengeza ngokuthi lo mcimbi uzodala amathuba emisebenzi angu-415, ikakhulukazi emikhakheni esemgaqweni, futhi ufake imali engaphezu kuka-R17million emalini yentela.
USisilana ugcizelele ngokuthi icebo ledolobha lihlanganisa ukusebenzisa amathuba emicimbini emikhulu ukuze kuvuleke amathuba ezomnotho kubadayisi basemgaqwani nosomabhizinisi basemalokishini.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCol Robert Netshiunda, uthe sebeqinise ezokuphepha ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha kwabo bonke abalandeli bebhola lezinyawo.
“Sesibeke izinyathelo ezanele zokuphepha ukuze siqinisekise umdlalo wamanqamu weNedbank Cup ophephile futhi ovikelekile.
“Kuzotshalwa izinhlaka zamaphoyisa ezahlukene ezindaweni ezihlonziwe ukuqinisekisa ukuphepha kwababukeli ngaphambi komdlalo nangesikhathi usaqhubeka nangemuva kwawo,” kusho uNetshiunda.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
