Intaka ibekelwe amazolo kwiDurban International Marathon ngeSonto

Kulindeleke ukuthi sande isibalo sabagijimi kumqhudelwano obaminyaka yonke eThekwini iDurban international Marathon.

IDurban International Marathon izosukela phambi kwakaToyota eSiphingo isongwe eMoses Mabhida people’s park.

Lo mjaho uhlose ukugqugquzela ubumbano eThekwini, ukukhombisa izivakashi ubuhle baleli dolobha.

OLUNYE UDABA: IPirates ithole isibhaxu ngaphambi komdlalo womkhaya

Kulo mjaho kuzobe kugijinywa ibanga lika-42km kanye no-10km.

Ngokusho kukaSteve Mkasi owusihlalo walo mqhudelwano, uthi balindele isibalo esikhulu sabagijimi kulo nyaka kanti futhi sebemi ngomumo ukusingatha lomjaho ozobe ugijinywa okwesihlanu kulonyaka.

Kulo mjaho weDurban international Marathon kulindeleke abasubathi abaqhamuka nasemazweni angaphandle kanti futhi ungowokugcina kubasubathi ukuzibekisela indawo kuComrades Marathon ezokuba ngomhlaka-08 June 2025 kusukwa eMgungundlovu uze usongwe eThekwini.

– Andile Andizo Mthembu

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *