
Icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa lihlehliselwe umhlaka-5 May.
Ummeli kamsolwa, u-Advocate Charles Mnisi, uthi akakakulungeli ukuqhubeka.
Lokhu kwenzeka nakuba icala lahlehliswa isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili ukuze ngenhloso yokumnikea isikhathi sokuthi enze amalungiselelo ecala.
OLUNYE UDABA: Libuyela enkantolo elokubulawa kukaMeyiwa
UMnisi uthi nakuba elilandela leli cala, akakaze axhumane noSibiya noma ameluleke ngezomthetho.
Futhi njengoba ikhasimende lakhe uMuzi Sibiya lisengcupheni yokudilikelwa yijele, uthi ukujahwa kulimaza ukuqulwa kwecala ngendlela efanele.
Amadoda amahlanu abhekene necala lokudubula abulale uMeyiwa, eVosloorus, eGauteng, ngo-October 2014.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
