
INkantolo eNkulu yasePitoli ilihlehlisele umhlaka-22 April icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa. Lokhu kulandela ukuhlehliswa kwezinyanga ezimbili, nokunikeza ummeli kammangalelwa uCharles Mnisi isikhathi sokuzilungiselela ukumela ummangalelwa wokuqala, uMuzi Sibiya, owalahlekelwa ngummeli wakhe, uThulani Mngomezulu, ngemuva kokudlula emhlabeni kwakhe.
USibiya, nabanye abane, basolwa ngokubulala ukaputeni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa ngo-2014.
UMnisi, ophinde amele ummangalelwa wesithathu uMthobisi Mncube, wazise inkantolo ukuthi akakakulungeli ukuqhubeka, ebalula umsebenzi omningi okumele awenze. Ujutshwe ukuba abuyekeze amakhasi angaphezu kwangu-40 000 emqulu yasenkantolo ukuze alungiselele ngokwanele ukuphekwa ngemibuzo ngumphenyi oholayo, uBrigadier Bongani Gininda.
OLUNYE UDABA: Libuyela enkantolo elokubulawa kukaMeyiwa
“Inkantolo iyazi, futhi nombuso waqinisekisa nomsebenzi omningi okufanele ngiwenze. Amakhasi acishe abe ngaphezu kwangu-40 000. Angikalukungeli,” kusho uMnisi.
Umshushisi woMbuso, uGeorge Baloyi, akazange asiphikise isicelo kodwa uzwakalise ukuphatheka kabi ngokubambezeleka. “Ngeke kusize ngalutho ukuthi umbuso uphikise uma ngabe abameli bethi abakalungi. Sikhungathekile nje,” esho.
IJaji uRatha Mokgoatleng, nakuba lingathandanga ukuvuma ukuhlehliswa kwesicelo, libize isicelo sikaMnisi njengokuhlukumeza uhlelo, lathi icala lihlehla okokugcina.
“Uma uphinda ubuya ungakalungi, ikhasimende lakho kuzomele lithole omunye ummeli,” kusho ijaji.
UMnisi uke waveza ukuthi kungenzeka ehle esikhundleni sokumela uSibiya uma engakakulungeliu nangesonto elizayo. Inkantolo izonquma ngomhlaka-22 April ukuthi uMnisi uzoqhubeka yini nokumela uSibiya.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
