
Umdlali we Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa uthi basakholelwa ekutheni basangazishintsha izinto kweZimnyama ngesicoco seligi okubonakala sizokhala semuke neMamelodi Sundowns ezihola phambili ngamaphuzu angu 58 kanti iPirates yona ilandela ngamaphuzu angu 40 bahlukaniswe amaphuzu angu 18,ngokusho kuka Mabasa uthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi emidlalweni yabo esele yeligi bayayinqoba, kanti emdlalweni wokugcina ezimnyama zihlukaniselene amaphuzu ne Stellenbosch kwathi iMamelodi Sundowns yona yanqoba ngamagoli amabili eqandeni beshaya Amazulu fc, osukwini lwakusasa kulindeleke ezimnyama ukuthi zibuyise izinduku kwiDowns njengoba emdlalweni wokuqala zikhale ngaphansi ngo 4-1, kusasa akwaziwa ukuthi ubani ozothatha amaphuzu amathathu uma lamaqembu womabili esebhekene emdlalweni weligi ozokuba se FNB stadium ngo 15:30.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
