
Ukhala ezimathonsi umqeqeshi we Richard’s bay uRonnie Gabriel ngo kukhishwa iqembu le Orlando Pirates kumqhudelwano we Nedbank cup last 32 osukwini lwangomngqibelo nalapho ezakhe zikhale ngaphansi ngamagoli amathathu kwelilodwa enkundleni iKing Zwelithini, eMlazi, amagoli eZimnyama avalelwe phakathi UMaswanganyi amabili Kanye no UMabasa elodwa , elokubika ekhaya igoli le Bay livalelwe phakathi Yanele Mbuthuma.
. UGabriel ukhala kakhulu ngamathuba ayekwe iqembu lakhe njengoba ethi bekungafanele lomdlalo ukuthi behlulwe kuwona,uthi uma uhluleka ukusebenzisa amathuba ngesikhathi esifanele kukancane ukuthi lowomdlalo uwuwine njengoba nezakhe zigcine ziphunyukwe amathuba ebemqoka kulomdlalo, iBay njengamanje izogxila kwimidlalo ye Betway Premiership njengoba nakhona izinto kubonakala zingahambi kahle,njengamanje iBay ihlezi kunombolo 14 kwiligi ngamaphuzu angu 9
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
