
UMengameli uCyril Ramaphosa usenxuse abesilisa ukuthi bahole impi yokulwa nodlame lobulili.
Uthi amadoda kufanele kube yiwo ahola le mpi ngoba ngokuvamile yiwo abenzi bokubi.
“Nangempela ngimile kulokho ngoba abesifazane bahlushwa ngamadoda ngezindlela eziningi, ngakho-ke kufanele sihole kulo msebenzi ngoba umsebenzi wokuqeda udlame lobulili nokubulawa kwabesifazane akufanele luthathwe njengenkinga noma umthwalo wabesifazane bodwa.”
UMengameli ubekhuluma ekuvulweni kweNgqungquthela Yamazwe Ngamazwe Yamajaji Abesifazane eKapa.
OLUNYE UDABA: INgqungquthela yamaPhoyisa: Kudingidwe ngamasu okulwa nobugebengu
Lo mcimbi wezinsuku ezintathu uhlanganisa ongoti bezomthetho abangu-900 emhlabeni wonke jikelele ukuze babhekane nodlame lobulili kanye nokubulawa kwabesifazane ngobuholi bezomthetho nobushoshovu.
Ngaphansi kwendikimba – Resilience: Women in Leadership to End Gender-Based Violence & Femicide.
UMengameli uyathemba ukuthi le ngqungquthela izosiza ekuxazululeni inkinga ye-GBVF emhlabeni wonke jikelele.
URamaphosa uyethemba ukuthi le ngqungquthela izosiza ekuxazululeni inkinga ye-GBVF yomhlaba wonke.
“Le ngqungquthela ingeminye yemizamo eminingi enginethemba lokuthi izosenza sikwazi ukwenza lokho okufanele. “
IJaji Elikhulu uMandisa Maya uthe amanye amacala ahlasimulisa umzimba abikwayo akuwona wodwa, maningi amanye angabikwa.
“Ziningi izisulu ezesabayo ukuphumela obala ngoba kwesinye isikhathi zicabanga ukuthi ubulungiswa ngeke benzeke.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.