UMantashe uthi i-SA kufanele igodle izimbiwa e-US

UNGQONGQOSHE wezokuMbiwa Phansi noPhethroli uGwede Mantashe ufuna iNingizimu Afrika igodle ukuthengisela iMelika izimbiwa phansi uma kwenzeka inquma ukuvala usizo olunikezwa izwe.

UMantashe ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yosuku ngoMsombuluko e-Investing in African Mining Indaba eKapa.

I-Indaba yezimayini yezinsuku ezine izocubungula ngezimayini zikahulumeni ezwenikazi naseNingizimu Afrika.

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi uMengameli waseMelika uDonald Trump ethe uhulumeni waseMelika uzoyigodla imali yokusiza iNingizimu Afrika, ethi uhulumeni “uthatha umhlaba”.

UTrump ngeSonto usole iNingizimu Afrika “ngokuphuca” umhlaba kanye “nokuphatha izigaba ezithile zabantu kabi kakhulu” njengoba ememezele ukuthi uzonqamula lonke uxhaso lwezwe lwangomuso njengoba kusaphenywa.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)