
Ugwetshwe izinganga ezingu-30 ebhadle ejele umfundisi oneminyaka engu-34 ubudala webandla i-Apostolic Faith Mission (AFM) ngokubanobudlelwano nondodakazo wakhe angamzali.
Lo mfundisi ogama lakhe eligodliwe uzibandakanye ngocansi nendodakazi yakhe ephindelela Phakathi konyaka ka-2022 no-2024 ezindaweni ezahlukene.
Ngokombiko weBulawayo24 lobu budlelwano baqala ngo-2022 ngesikhathi unkosikazi wakhe ongumama wentombazane ebashiye bobabili.
Kudalulwe ukuthi ukuzibandakanya kwabo ocansini okokuqala kwenzeka ekamelweni lalo mfundisis ngesikhathi bebuka ama-video ndawonye.
Ubudlelwano babo baqhubeka iminyaka, kwaze kwaholela ekutheni undodakazi akhulelwe ngo-2023.
Inkantolo ilalele ukuthi lo mfundisi wayalela undodakazi ukuba asikhiphe isisu ngenhloso yokufihla ubudlelwano.
Ukuncinzwa kwamaphoyisa indlebe okwaholela iziphathimandla ukuba zenze uphenyo wabe eseboshwa washushiswa lo mfundisi.
Isigwebo sisebenza njengesixwayiso esiqinile ngokumelene nokusebenzisa kabi igunya nokuxhashazwa ngokocansi ezikhungweni zenkolo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
