#Justice4Cwecwe: Uhulumeni uxwayisa ngokusebenzisa ‘budedengu’ izinkundla zokuxhumana kulolu daba

Ithimba longqongqoshe bezobulungiswa, ukuvinjelwa kobugebengu kanye nezokuphepha selixwayise ngokusetshenziswa “ngokungabhekeleli kanye nobudedengu” kwezinkundla zokuxhumana ecaleni elibucayi lentombazanyana eneminyaka eyisikhombisa osolwa ngokudlwengulwa e-Eastern Cape.

Abanye abasebenzisa izinkundla zokuxhumana babhale amazwi angenaluzwela mayelana nodaba oluthi #justiceforCwecwe ezinkundleni zokuxhumana.

Leli thimba lithe ukuziphatha ngale ndlela angeke kubekezelelwe.

OLUNYE UDABA: #Justice4Cwecwe: Ngabe umphakathi uzwelana naye ngokweqiniso okanye kukhona okufihliwe

“Kudumaza kakhulu ukuthi abanye abantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana bangasebenzisa icala elibucayi ngalolu hlobo, elibandakanya ingane ukuze benakwe. Ukuziphatha okunjalo akukhona nje ubudedengu kuphela kodwa futhi kutshengisa ukungabi nazwelo kwisisulu, umndeni wesisulu kanye nomphakathi,” kusho umnyango wezobulungiswa ku-X.

“Lokhu kumele kubhekwe ngeso elibukhali futhi ukusetshenziswa budedengu kwezinkundla zokuxhumana akumele kubekezelelwe.

“Amaphoyisa akwa-SAPS azobhekisisa izikhundla ezihlonziwe ngobudedengu nezingenabulungiswa bese ethatha izinyathelo ezifanele uma kunesidingo ngokuhambisana nezinhlinzeko zomthetho ezifanele. Uma kubhekwa ukusabalala kwalezi zikhundla eziningi, kungaba nabulungiswa ukutomula  noma yimuphi umuntu oyedwa. Konke okufakwe ezinkundleni zokuxhumana okuhlonziwe kuzobhekwa.”

Khonamanjalo, izinhlangano zomphakathi kanye namaqembu ezepolitiki eBuffalo City Metro e-Eastern Cape bafuna kuvikelwe amasampula olibofuzo lwabasolwa ecaleni lokudlwengula le ntombazanyana.

Lba badlulise incwadi yabo yezikhalazo kuMeya kaMasipala, uPrincess Faku, ehholo ledolobha lase-East London.

Lokhu kulandela izimashi eziningi ezweni lonke ngokubambisana nezisulu zokudlwengulwa okuhlanganisa nentombazane.

TimesLive

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

One thought on “#Justice4Cwecwe: Uhulumeni uxwayisa ngokusebenzisa ‘budedengu’ izinkundla zokuxhumana kulolu daba

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *