Owesilisa oneminyaka engu-32 ubudala udutshulwe wabulawa ngesikhathi abasolwa behlasela umuzi wakhe e-Esidonini, e-Amaoti, enyakatho yeTheku, izolo ebusuku.
Abasolwa kubikwa ukuthi baphule iwindi bafafaza i-pepper spray endlini, base bengena ngenkani.
OLUNYE UDABA: Usinde kusha ubuhanguhangu indlu abelele kuyo
Lo mlisa uzame ukubaleka, kodwa walandelwa wabe esedutshulwa. Ube eseshonela endaweni yesigameko.
Amaphoyisa asaphenya imbangela yokudutshulwa kwakhe.



