
USihlalo weKomidi leziNsizakalo zokuHlunyeleliswa kweziMilo ePhalamende uthi isibalo sabantu sabakwamanye amazwe ohlelweni lwamajele sisalokhu siyinkinga.
Izibalo zoMnyango wokuHlunyeleliswa KweziMilo zibonisa ukuthi amajele aseNingizimu Afrika agcwele abantu bakwamanye amazwe abangu-27,880, okuhlanganisa nabantu abangu-14,614 abalinde ukuba kuqulwe amacala abo kanye nabangu-13,266 abagwetshiwe.
UKgomotso Ramolobeng, uSihlalo weKomidi, uthe ukusheshisa izinguquko zomthetho kanye nokuqinisa izivumelwano zamazwe amabili zokubuyisela iziboshwa zakwamanye amazwe emazweni azo kungasiza ekunciphiseni umthwalo.
OLUNE UDABA: Iziboshwa zigubhe izinga lokuphasa eliyingqophamlando kwizivivinyo zikaMatric
“Uma lokho kuchazwa kuwo wonke amazwe e-SADC, kungaba nemiphumela emihle yokuba bonke labo asebegwetshiwe, bakwazi ukuhanjiswa emazweni abo abavela kuwo ukuze baqedele izigwebo zabo,” kusho uRamolobeng.
Kodwa-ke, uthe sisalinde ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa ochaza ukuthi umuntu oboshwe ezikhungweni zaseNingizimu Afrika udinga ukugcinwa aze aqede isigwebo sakhe.
Ngokusho kukaRamolobeng, izwe lisanda kusayina isivumelwano sokudluliselwa kweziboshwa neBotswana, esihlinzeka ngohlaka lokubuyiselwa kwabantu abagwetshiwe ukuze baqhubeke nezigwebo zabo ezweni lakubo.
