
Kuboshwe abantu bakwamanye amazwe abangu-14 eMpumalanga ngesikhathi kunemashi elwisana nokufuduka ngokungemthetho.
IMashi ebisuka eVosman yayophelela maphakathi nedolobha laseWitbank kubikwe ukuthi ibinokuthula.
OLUNYE UDABA: IMarch and March ithi ikulungele ukuvala izwe
Ngesikhathi kuqhubeka le mashi kubhekwe amaphepha abantu bokufika abagunyaza ukuba kuleli nokuthe makubhekwa kwatholakala ukuthi bangu-14 abantu bokufika abangenawo.
Amaphoyisa anxusa ukuba umphakathi usebenzisane nabomthetho ekulweni nobugebengu.
