
Indoda yesibili esolwa ngokubulala uWarrick Stock, obaziwa kakhulu ngelika-DJ Warras, izovela enkantolo namuhla ukuyofaka isicelo sayo sebheyili.
U-Armindo Pacula odabuka eMozambique ubhekene namacala okubulala, ukwakha itulo lokubulala kanye nokwephula uMthetho wokuFuduka.
OLUNYE UDABA: Uyavela enkantolo umsolwa wesibili kwelokubulawa kukaDJ Warras
Le ndoda eneminyaka engu-25 ubudala ivele kafushane enkantolo ngesonto eledlule, kodwa icala layo lahlehliswa ukuze abaphenyi baqinisekise ikheli layo kanye namanye amaphepha.
Umsolwa wokuqala, uVictor Majola, ugqunywe ejele ngemuva kokuba inkantolo imnqabele ibheyili ngenyanga edlule.
UDJ Warras wadutshulwa wabulawa eGoli ngoDecember 2025.
