
Lilahlwe yicala lokubulala iphoyisa laKwaZulu-Natal ngemuva kokuba lidubule libulale indodana yalo eneminyaka engu-25 ubudala, lizitshela ukuthi iyisigebengu.
Lesi sigameko senzeka ngezikhathi zasekuseni ngomhlaka-28 December 2022.
UWarrant Officer Vincent Mkhize oneminyaka engu-46 ubudala obesebenzela eMlazi Crime Prevention (Vispol), wayengekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko emzini wakhe ngezithuba zabo-01:00.
Ngokusho kophiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), uMkhize kusolakala ukuthi wezwa umsindo owawuqhamuka emnyango ongaphambili wendlu yakhe obuzwakala sengathi kukhona ogqekeza i-burglar gate.
Wahloma ngesibhamu somsebenzi wahamba wayophenya.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa nomabhalane ngelenkohlakalo eThekwini
“Ngesikhathi evula isicabha sangaphambili, wabona umuntu esemnyango wabe esedubula kabili. Lo muntu wamemeza, ezichaza ukuthi uyindodana yaleli phoyisa,” kusho okhulumela i-IPID uPhaladi Shuping.
Ngesikhathi selibona ukuthi lidubule indodana yalo, u-Ayanda Gift Mkhize, leli phoyisa kanye nonkosikazi walo ongumhlengikazi, bazama ukuhlinzeka ngosizo lokuqala. Indodana yabo yabe isiphuthunyiswe esibhedlela eSipingo kodwa ngeshwa yaphetha ngokushona ngenxa yamanxeba ayo.
UShuping ukuqinisekisile ukuthi i-IPID yenze uphenyo wabe esedlulisela icala kwiNational Prosecuting Authority.
“I-NPA iphakamise ukuthi uWarrant Officer Mkhize abekwe icala lokubulala,” esho.
INkantolo yeMantshi yaseChatsworth ithole uMkhize enecala lokubulala. Icala lihlehliselwe umhlaka-2 December 2025 ukuze agwetshwe kanti ibheyili yakhe yeluliwe.
