UNgqongqoshe eKZN unxusa abazali ukuba bavikele izingane njengoba izimvula ezinamandla zisaqhubeka

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usenxuse abazali ukuba baqinisekise ukuphepha kwezingane zabo esimweni sezulu esingesihle.

Lokhu ukusho ngemuva kwezigameko eziningi ezithinta isimo sezulu esifundazweni sonke kulandela imvula enamandla eqale ngeSonto nokulindeleke ukuthi iqhubeke isonto lonke.

Izangoma zezulu iSouth African Weather Service zikhiphe isexwayiso sesimo sezulu sika-Level 4 mayelana nokuduma kwezulu okunamandla esifundazweni saKwaZulu-Natal.

OLIUNYE UDABA: Umonakalo odalwe yisimo sezulu esibi uphazamise ukufunda ezikoleni zase-KZN

Yize zingakabikwa izigameko ezinkulu kuze kube yimanje, uButhelezi usenxuse abashayeli ukuba baqaphele ngaso sonke isikhathi emgwaqeni futhi bagweme ukuhamba kungenasidingo.

Uthi amathimba abo abhekelele izinhlekelele ahlezi eqaphile.

“Izimo zokushayela ziseyingozi kakhulu KwaZulu-Natal ngenxa yemvula enamandla ngakho sinxusa abantu bakithi ukuthi bahlale ezindlini bagweme izindawo eziphansi, ikakhulukazi izingane ezifundayo ukuze abazali baqinisekise ukuthi aziweli imifula ngoba iyingozi kakhulu. Sinxusa abashayeli ukuba bangalandelani eduze uma beshayela ngoba isimo sezulu  sisazoqhubeka nokuba sibi izinsuku ezimbalwa.

SABC