
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasredine Nabi ziyaqina ezithi sekuphelile ngaye ePhefeni njengoba kuvela ukuthi unqanyulelwe inkontileka yakhe.
Lezi zindaba zisabalele osukwini lwayizolo nalapho kuvele khona ukuthi lomqeqeshi akanawo amaphepha okuhlala ebhentshini kumqhudelwano weCaf Confederation Cup njengoba osukwini lwangoMgqibelo Amakhosi azoba elibangisa kumdlalo weCaf Confederation Cup.
Akucaci kahle ngokuzokwenzeka ngalomqeqeshi kanti lezi zindaba zisabalele ngemuva kokushaywa kwakhe yiSekhukhune United ngamagoli amathathu kwelilodwa osukwini lwangoLwesibili.
OLUNYE UDABA: IChiefs isimemezele ukuthi uNabi ngeke abonakale emdlalweni wokuqala weLigi
Kuzokhumbuleka ukuthi uNabi akabanga ingxenye yemidlalo yokuqala yeligi njengoba wayekwelakubo eTunisia nalapho ayobheka khona umakoti wakhe owabandakanyeka engozini yemoto.
Iqembu leChiefs lihlezi endaweni yesithathu kwiligi, kanti uNabi ukhonjwa indlela kwiChiefs nje uyena okwazile ukuqeda isomiso sezindebe kuMakhosi njengoba ekwazile ukuthatha isicoco seNedbank cup, emidlalweni engu-35 ayidlalile ukwazile ukunqoba engu-12 washaywa kwengu-14 wadlala ngokulingana kwengu-9.
