Babuyela enkantolo abasolwa ngokubhemisa ingane

Umama nabanye abathathu asolwa nabo ngokugqugquzela ingane encane ukuthi ibheme ipayipi elithakwe ngeziakamizwa zohlobo lwemandrax babuyele eNkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla ekuseni.

Bonke bathweswe icala lokungayinakekeli ingane, ukuhlukumeza kanye nokuzama ukubulala.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe icala labathathu ababhemisa ingane ipayipi

Ku-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana equbule intukuthelo kubantu abaningi iveza umfana, 4, alayithe ipayipi bese edonsa umoya kaningi.

Udaba luhlehliswe ngesonto eledlule ukuze abasolwa bathole abameli.

UMbuso usuveze ukuthi uhlose ukuphikisa ibheyili.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)