
Kubulawe amaphoyisa amabili ophiko lwe-SAPS ogwini oluseningizimu KwaZulu-Natal kanti kusolwa elinye ilungu lamaphoyisa.
Kubikwa ukuthi isigameko kungenzeka ukuthi ngesombango wezobudlelwano bothando.
Isisulu esineminyaka engu-34 ubudala kanye nentombi yaso, bobabili abangamaphoyisa, bashonele esibhedlela kulandela isigameko esenzeka eMurchison izolo (ngoLwesihlanu) ebusuku.
OLUNYE UDABA: Uboshwe eGauteng obefunelwa izinsolo zokubulala intombi nonina
Ngokwemibiko, isisulu besisanda kufika ekhaya sihamba nentombi yaso nayo eyiphoyisa ngesikhathi kungena umama wengane yaso okusolwa ukuthi ubahlaselile.
Kubikwa ukuthi indoda idutshulwe amahlandla amaningi, intombi yakwazi ukubaleka.
Ngokuhamba kwesikhathi intombi ibe isitholwa umakhelwane inenxeba lokudutshulwa waphuthunyiswa esibhedlela lapho efike yashonela khona.
Amaphoyisa akwazile ukulandelela umsolwa wabe eseboshwa.
Isibhamu somsolwa somsebenzi sitholwe, singenawo umagazini.
Leli phoyisa kulindeleke ukuba livele enkantolo maduze.
eNCA
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
