

Izisulu zezikhukhula eMthatha naseButterworth, e-Eastern Cape, sezilutholile usizo ngomazisi kanye nezitifiketi zokuzalwa.
Ithimba lamaSekela oNgqongqoshe, elihlanganisa ezokuHlaliswa kwaBantu, iHhovisi likaMengameli, i-Cogta, kanye noMnyango Wezasekhaya, livakashele izisulu zezikhukhula ukuze lenze ucwaningo phakathi kohulumeni ukuze kuhlinzekwe izinsiza.
OLUNYE UDABA: URamaphosa uthi uhulumeni uzophenya ngembangela yezikhukhula eMthatha
UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uthi usuwuhlonzilee umhlaba kuMasipala waseMnquma kanye neKing Sabatha Dalindyebo ukuze kuthuthelwe khona izisulu.
IPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uNjabulo Nzuza, lithi bazobuya ukuzobheka inqubekela phambili mayelana nokubhaliswa komazisi.
“Sijabule ngenqubekelaphambili esesiyenzile. Namuhla sikwazile ukukhipha ezinye izitifiketi zokuzalwa ngokuqonda ukuthi izitifiketi zokuzalwa zingaphrintwa khona lapho, ngalesosikhathi.
” Manje lo msebenzi siyenza ngokusebenzisa omahambanendlwana boMnyango Wezasekhaya esiyelule ngonyaka odlule, sikanye noMengameli waseLimpopo, lapho sengeza amayunithi angu-100 angomahambanendlwana.
“Manje silindele ukuthi emasontweni amabili kuya kwamathathu sizobuyela khona lapha sizokhipha omazisi aabangama-smart card.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
