Kubulawe umahosha ngaserenki yamatekisi aseNdwedwe

Owesifazane othengisa ngocansi ubulawe yindoda okukholakala ukuthi iyikhasimende enkabeni yedolobha laseVerulam – KZN izolo ntambama (ngoMsombuluko).

Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) abizelwe ku-Ireland Street ngemuva kokuthola imibiko emayelana nokugwazwa kowesifazane.

Ngesikhathi abeRUSA befika ngezithuba zabo-19:42, bafica kudindilize isidumbu sowesifazane erenki yamatekisi eNdwedwe, enenxeba lokugwazwa emhlane.

OLUNYE UDABA: Ukhalelwe amasongo kaSigonyela “ogwaze wabulala owayeyisoka”

Ngokusho kofakazi, isizulu singumuntu obaziwa ngokuthengisa ngomzimba futhi esebenzisa izidakamizwa.

Kuzwakale ukuthi lo wesifazane wangena ehlathini eliphakathi kwerenki yamatekisi aseNdwedwe noR102 ehamba nendoda eyayithenga kuye.

Kuthiwa isizulu sezwakala simemeza sicela usizo ngaphambi kokuba siphume ehlathini. Kuthe ngemuva kwesikhashana sawa phansi.

Umsolwa wayesijaha ngemuva kodwa kuthe ebona ukuthi uyabukwa ngamalungu omphakathi wadla phansi.

Isoka lesisulu yilo eliqinisekise ukuthi umsolwa ubani labe selibikela abeRUSA ngomufi ukuthi ubengumama wewele elinenyanga eyodwa lizelwe.

RUSA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)