ICPF yaseNanda inxusa abazali ukuba baqaphe ukuziphatha kwezingane zabo

Ilungu le-Policing Forum yaseNanda linxusa abazali baselokishini ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekuqapheni ukuziphatha kwezingane zabo.

USihlalo we-CPF, uMbongeni Phewa uthi lokhu kuhlanganisa nokungabushayi indiva ubugebengu, wengeza ngokuthi nabazali kufanele bakulungele ukubika ngezingane zabo.

Lokhu ukusho ngemuva kwezigameko zokudubula zamaphoyisa ezenzeke endaweni, lapho kwabulawa khona abasolwa abahlanu, abebefunelwa amacala okubalwa kuwo nawokubulala.

UPhewa uthi yize isimo singesihle njengoba nezinga lobugebengu linyuka endaweni yaseNanda amaphoyisa kwesinye isikhathi kusuke kungekho okunye angakwenza uma ebhekene namaqembu ahlome ngezibhamu.

Uthi ngokuvamile abafana abancane abathintekayo kulawo macala.

OLUNYE UDABA: Kubulawe isigebengu esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eMzinto

“Abaholi bomphakathi kufanele babize abazali bazokhuluma nabo ngezingane zabo ngoba emini benza sengathi bayazikhuza izingane zabo kodwa ebusuku bazivikele baziyeke zidle zilale emakhaya, ziqhubeke nokwenza ubugebengu.

“Abazali ababiki ngezingane zabo emaphoyiseni uma sezibuya nezinto ezizintshontshile, bafika ekhaya bephethe omabonakude, izimoto nokunye, ukungabiki kwabo ngokwenziwa izingane zabo emaphoyiseni kukhombisa ukuthi bayahambisana nokuziphatha kwazo.

“Abazali kumele basebenzisane nabaholi bomphakathi. Abakwazi ukuhlala banethezeke ekubeni thina singakutholi ukuphumula ngenxa yezingane zabo.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)