Izothi ukwehla kancane intengo kaphethiloli kule nyanga

UMnyango Wezokumbiwa phansi phecelezi iDepartment of Mineral Resources(DMR) usukhiphe amanani amasha kaphethiloli kulandela ukuchithwa kwenselelo yentela kaphethiloli ye-Economic Freedom Fighter.

Iqembu beliphikisa ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana wathatha indlela engalungile esinqumweni sakhe sokuphakamisa ukunyuswa kwentela kaphethiloli.

UGodongwana umemezele lokhu kwenyuka ngesikhathi ethula isabelomali esibuyekeziwe sesithathu ePhalamende ngoMay, kulo nyaka.

Ubuzo kwehla kakhulu kunalokhu uphethiloli ukube awuzange unyuswe ngo-16c kanye nodizili omyuswe ngo-15c kwi-general fuel levy (GFL).

OLUNYE UDABA: Ayehla amanani kaphethiloli kuleli sonto

UMqondisi we-DMR obhekelele amanani kaphethiloli uRobert Maake uthi ukunyuka kuzoqala ngoLwesithathu.

“Zombili izigaba zikaphethiloli i93 ne-95 octane zizokwehla ngo-5 cents ilitha, udizili uzokwehla ngo-36.9 cents ilitha, upharafini ezitolo uzokwehla ngo-75 cents ilitha. ILP gas yona izokwehla ngo-89 cent ikhilo.

Izizathu zokushintsha kwentengo kaphethiloli zimi kanje:okokuqala amanani aphansi kawoyela kanye nerandi elinamandla uma liqhathaniswa nedola ngesikhathi esibuyekezwayo.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)