Ugixabezwe ngodilikajele owadlwengula ingane

INkantolo yeSifunda eNquthu igwebe indoda eneminyaka ewu-27, udilikajele ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka ewu-10 eMondlo ngoNovember 2022.

Ummangalelwa nesisulu bebazana. Isisulu besihlala noninakhulu noyisemkhulu ngoba unina ubehlala kwenye indawo ngenxa yomsebenzi.

Ummangalelwa ubehlala emzini owodwa nomndeni wesisulu. Ngosuku lwesigameko isisulu sasibuka ithelevishini sodwa, kwase kufika ummangalelwa. Ngesikhathi ummangalelwa ebona ukuthi isisulu sisodwa wasibhozomela wasidlwengula.

OLUNYE UDABA: Ibuyela enkantolo indoda esolwa ngokukhulelisa intombazane, 11

Ummangalelwa waqeda lapho wasabisa isisulu ngokuthi uzobenza isilo sengubo nonina kammangalelwa uma eke wayikhuluma indaba. Isisulu sabika udaba kunina yena wasihambisa esibhedlela sendawo. Udokotela waqinisekisa ukuthi sasidlwenguliwe. Kwabikelwa amaphoyisa kwaboshwa ummangalelwa.

UMshushisi woMbuso uBongisipho Smangaliso Msebe Mthembu wethule isitatimende sesisulu eyasibhala seluswe nguVictoria Griffiths oyi-Court Preparation Officer. Isisulu esitatimendeni sithe, ubethatha ummangalelwa njengomfowabo kodwa yena wamgila. Isisulu sithe sesizizwa sehlukile kwezinye izingane. Akaseyena umuntu ophila ekhululekile.

Ngokwesitatimende se-NPA eKZN, ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Inkantolo ithe igama lakhe kufanele lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

I-National Prosecuting Authority iyasithokozela isigwebo. Leli cala liwubufakazi bokuthi i-NPA izimisele ukulwela ubulungiswa, ikakhulukazi kulabo ababuthaka okuyizingane.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit