
Umsakazi ongundabamlonyeni, uMacgyver ‘MacG’ Mukwevho usephinde waziwafaka obishini ngokuphawula kwakhe ohlelweni lwakhe.
UMacG kulokhu uphawule ngomsakazi wakuthelevishini uMinnie Dlamini.
Esiqeshini sakamuva se-Podcast and Chill, uMacG uphawule ngokuhlukana kukaDlamini nobeyisoka lakhe, uDkt Brian Monaisa.
Kubikwa ukuthi yubudlelwano bala bobabili baphela ekuqaleni kwa-April.
OLUNYE UDABA: Obeyisoka likaMinnie Dlamini uchithe amahlebezi okungathembeki kwakhe
UMonaisa eqinisekisa lezi zindaba, wafaka isitatimende ezinkundleni zokuxhumana ethi ubudlelwano babo buphelile ngenxa yezizathu ezaziwa yibo.
Lo dokotela wabe eengeza ngokuchitha amahlebezi okuthi ubudlelwano babo buphele ngenxa yokujolelana.
“Yize ubudlelwano bethu bezothando sebufike esiphethweni kodwa kusekhona ukuhloniphana phakathi kwami noDlamini.”
Ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo uMacG waqhubeka nokungabaza amandla kaMDlamini okugcina indoda.
“Mfethu ngiyakutshela ndoda. Kukhona okungahambi kahle ngaye; mhlawumbe ingaphansi lakhe linephunga elingelihle noma okunye. Uyazi lezinto ziyenzeka, ikakhulukazi kubantu besifazane abahle,” kusho uMacG
Abasebenzisa izinkundla zokuxhumana sebecele ukuba le podcast ebukwa yizigidi zabantu bakuleli namanye amazwe, sebecele ukuthi ivalwe.
Eziphendulela ngale ngxoxo uMonaisa uthe abethuli balolu hlelo bakhombisa ukuthi banenkinga nabesifazane asebephumelele empilweni.
Ngonyaka odlule uNolwazi ‘Nkosazana Daughter’ Nzama wavulela uMacG icala ngokumehlisa isithunzi, kanti nomlingisi uRosie Motene naye wake wavulela uMacG icala lokumehlisa isithunzi ngamazwi awasho ohlelweni lwabo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
