Imindeni ithuthele ezindlini zesikhashana kulandela izimvula ezinamandla eThekwini

Imindeni emihlanu, amakhaya ayo acekelwe phansi yizikhukhula ngesikhathi kuhlasele izimvula ezinamandla eThekwini ngeSonto eledlule ithuthelwe ezindaweni zesikhashana.

Uphiko lwezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal lusize abantu abangu-16 baseMlazi ababhidlikelwe yizindlu ngesikhathi kubhidlika udaka esigcemeni sakwa-P ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Izangoma zezulu zixwayisa ngemvula enamandla

INewswatch ibika ukuthi kulimale abantu abayisithupha.

“Amalungu omphakathi ayisikhombisa asazothola usizo lokuhlaliswa endaweni ephephile. Ngokubambisana neMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba noKhansela wakuWadi 85 uSphelele Nene bazoqhubeka nokuba sohlangothini lwemiphakathi ethintekile,” kusho uNdabezinhle Sibiya woMnyango.

Uthi amathimba abhekelela izinhlekelele asahlola umonakalo.

“Ngaphezu kwalokho kunethimba uNgqongqoshe alijube ukuthi livakashele imindeni ethintekile eMlazi.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *