Kusolwa ukuthi abengawazi umsebenzi amadoda ashonela emsebenzini ePhoenix

Ukuwa kwesakhiwo ePhoenix, enyakatho yeTheku, sekuveze ukukhathazeka okusha mayelana nezokuphepha embonini yezokwakha.

Kushone amadoda amabili ngesikhathi kuwa udonga phezu kwawo esemsebenzini kuCanehaven Drive ngoMgqibelo.

Ikhansela laku-ward 50, uLyndal Singh, lithi lesi sigameko sikhombisa isidingo sokubhekisiswa kwezinhlelo zokwakha.

OLUNYE UDABA: Kushone abasebenzi ababili kuwa isakhiwo ePhoenix

“ Kubalulekile ukuthi uphiko lwabahloli bezakhiwo lubhekisise imbangela yokuwa kodonga. Cishe, kungenzeka ukuthi ngamaphutha esakhiwo, yimpahla engalungile noma ubudedengu.

“Kubhekwe ukuthi ngabe bonke abasebenzi bakulesi sakhiwe bebebhalisiwe yini nokuthi bayakwazi yini ukwakha noma bafanelekile yini ukuthi bengakwazi ukwakha. Uma konke lokhu  nokuthi yalandelwa yonke imithetho kamasipala wethu noktuhi ilandelwe yonke imithetho yezokuphepha..”

USingh uthi kukhona nokukhathazeka ngabasebenzi. Uthi kukholakala ukuthi la madoda, eneminyaka engu-27 nengu-31 ubudala adabuka eMozambique futhi bebengafanelekile ukuba benze umsebenzi wokwakha.

“ Kubukeka sengathi la madoda alandwa eceleni komgwaqo anikwa umsebenzi, okungenye yezinto ezenzakalayo uma kunomsebenzi wokwakha.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *