“IKZN ayinayo imali eyanele yokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula”

UNdunankulu uThami Ntuli uthi iKZN ayinayo imali eyanele yokulungisa umonakalo odalwe yiziphepho zakamuva.

UNtuli ehambisana neMeya yeTheku uCyril Xaba, bavakashele izisulu zezikhukhula eNanda naseLamontville ngeSonto beyobheka umonakalo odalwe yimvula enamandla ngeledlule.

Cishe abantu abangu-6000 kanye nezindlu ezingu- 1 450 bathintwe yizimvula ezinamandla kusukela ngenyanga edlule.

OLUNYE UDABA: UMasipala weTheku wenza imizamo yokubuyisa ugesi ophazanyiswe yizimvula

UNdunankulu uthi basabala izindleko zenhlekelele yangesonto eledlule, edlule nemiphefumulo yabantu abathathu.

Uthi izilinganiso zamanje zikhomba ukuthi iTheku lodwa lizodinga isigidigidi samarandi ukuze lilungiswe.

“Sidinga imali yokunakekela ingqalasizinda ngoba kudala yabakhona. Senza konke okusemandleni ukuyigcina isesimweni kodwa isabelo esilinganayo abasitholayo sibhekene nezinselelo ezithile ngoba asenele. Sesike sasho kuhulumeni wasekhaya ukuthi u-9.5% awanele.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter

One thought on ““IKZN ayinayo imali eyanele yokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula”

  1. **mitolyn**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *