Kuxwayiswa ngezimvula ezinamandla eKZN

 Izangoma zezulu iSouth African weather services inxusa izakhamuzi zaKwaZulu-Natal ukuba ziqaphele izimvula ezinamandla okulindeleke ukuba zihlasele esifundazweni ngoLwesine nangolwesihlanu.

Zithi lokhu kungenxa yomsinga obandayo ozombatha isifundazwe sonke kanto lo msinga uhambisana nokuduma kwezulu.

U-Ayanda Nsele oyisangoma sezulu uthi imvula enamandla kulindeleke ukuab ihlasele kakhulu ezindaweni okubalwa kuzo UGU, ILembe naseThekwini.

UNsele uthi kulindeleke imvula enamandla ehambisana nezikhukhula ezizoqala kusasa kunguLwesine ebusuku ziqhubeke usuku lonke lwangoLwesihlanu.

“Silindele ukuba isimo sezulu siqale ukubuyela ekubeni ngcono ngempelasonto, kodwa kusenemvula elindelekile ngayo impelasonto, kodwa asiziboni izexwayiso ngalokho, ” kusho uNsele.

UNsele uphinde wathi izakhamuzi ezimaphakathji neKwaZulu-Natal  nazo kumele zilindele izimvula ezinamandla ezihambisana nombani kanye nesichotho.

Uthi izinga lesimo sezulu liphezulu kanti kungenzeka kube nomthelela omkhulu ekudumeni kwezulu okuhambisana  nezimvula ezinamandla ezingaholela ekutheni kube nezikhukhula nokulimala kwengqalasizinda.

Uthi izindawo ezithintekayo yilezo ezimaphakathi kubalwa neKing Cetshwayo kanti okwamanje uMkhanyakude awubaliwe.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *