
Abathandi besibhakela balindele izimpi ezisezingeni eliphezulu osukwini lwango wesihlanu eGrenwood Park hall,eThekwini njengoba iStarline Boxing Promotion ihlele izimpi ezinkulu zamabhade nalapho kulindeleke ukuthi abantu bezijabulise ngayo ekuvaleni inyanga yothando, ngokusho koMphathi we Starline Boxing Promotion uNkk Zandile Mngobhozini Malinga uthi impela abathandi besibhakela bazobhema bakholwe kulezizimpi njengoba kuzoba nempi enkulu yebhade le SA Middleweight elizobe libangwa uPhelelani Terrence Khumalo Kanye no John Bopape.
.Ezinye izimpi ezibhekiwe mhlaka 28 February 2025 eGrenwood Park impi ephakathi kuka Nkosingiphile Sibisi Kanye no Zolile Miya abazobe bebanga ibhande le Sa fly weight,enye impi ezoba khona ephakathi kuka Mapule Ngubane Kanye no Rita Mrebo abazobe bebanga ibhande le Sa female Middleweight, enye impi ezobhekwa ngabomvu ephakathi kuka Nonkululeko Ncube Kanye no Asande Mkhwanazi nalapho bezobe bebanga ibhande le Vacant Kzn female Jnr bantam.
.Amathikithi okozibukela lezizimpi aseyatholakala eComputicket ngo R100 kanti elama Vip atholakala ngo R300 kuphela, amasango okubukela lezizimpi azovulwa ngehora lesithupha ntambama ngolwesihlanu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
