
Umqeqeshi weSupersports uGavin Hunt uthi ufisa ukubona iqembu lakhe lilokhu liqhubeka nokuqoqa amaphuzu amathathu emidlalweni yeBetway premiership,uHunt uthi ezakhe zithole umfutho ngesikhathi ziguqisa iqembu le Kaizer Chiefs ngamagoli amane kwelilodwa koweBetway premiership ngolwesibili eFNB Stadium.
.ISupersports united emidlalweni yakamuva yeligi izinto bezingahambi kahle, kodwa ukushaya kwaba iZimpofana lokhu kubanikeze umfutho omkhulu njengoba uHunt ekubeke kwacaca ukuthi uzimisele ngamaphuzu amathathu emidlalweni elandelayo.
Umdlalo olandelayo weSupersports izobhekana ne Golden Arrows eLucas Moripe Stadium.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
