Ubonga akaphezi umlingisi ngeminikelo ayithola

Umlingisi wakumabonakude uthi akaze azitshele ukuthi uyoke acele usizo lwezimali kubantu. Kodwa ngesikhathi sekwenzekile lokho, omsamaria abalungile nabalandeli bakhe bamusizile.

NgoMarch 2025 wacela abantu ukuba bamsize ngeminikelo ukuze ezokwazi ukuhambela eGhana lapho ayeqokwe khona kwi-Ladies in Media Awards esigabeni se-African Female of the Year.

Lesi sihlabani sakumabobakude sithi abantu abaningi bakhuluma amazwi abuhlungu kuye ngesikhathi ecela usizo nakuba wayelucela ngoba efuna ukuthola indondo engeke imenze aziqhenye kuphela kodwa izwe lonke.

OLUNYE UDABA: Buka: Owezemidlalo unikele ngoR20 000 kumlingisi

Lo mlingisi oneminyaka engu-59 ubudala ogamalakhe lokuzalwa nguDelisile Malinga, useke wabonakala emidlalweni emningi kumabonakude okubalwa kuyo Umkhokha: The Curse, iGenerations, iRhythm City neminye.

UDelisile ekhuluma nabeDaily Sun uthi ukhethe ukucela usizo ezinkundleni zokuxhumana ngoba umsebenzi wakhe wakuMkhokha ubusuphelile kanti wayezosebenzisa yonke imali yakhe ohambweni lwakhe kuze kube uthola omunye umsebenzi.

Ngesikhathi eselutholile usizo wakwazi ukuyolanda indondo yakhe, wathi bekumnandi impela.

UDelisile uthi akakaze acele usizo empilweni yakhe kanti bonke labo abakwazile ukulula isandla edinga usizo, ubonga kakhulu kubo futhi bayohlezi besemthandazweni yakhe. Wathi labo ababekhuluba kabi, bemthuka ezinkundleni zokuxhumana uzobathandazela, uNkulunkulu alaphe izinhliziyo zabo.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *