
Bayavela namuhla enkantolo yemantshi yasePinetown neyaseGreytown abasolwa ababili ababoshwe ngamacala ahlukene.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asevalele ezikhindini abasolwa ababili, oneminyaka engu-44 ubudala noneminyaka engu-45 ubudala ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nokuzama ukubulala.
Abasolwa baboshwe ezigamekweni ezimbili eahlukene, ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenziwawo endaweni yaKwaNdengezi neyaseMuden.
OLUNYE UDABA: Asenkantolo amadoda amabili abonakala kwi-video ehlanganyela owesifazane ngoKhisimusi ePMB
Ngosuku lwangoMsombuluko amaphoyisa ophiko lwe SAPS Provincial Task Team abophe umsolwa, 44, ngecala lokuzama ukubulala elenzeka KwaNdengezi ngeSonto, 8 February 2026. Kusolwa ukuthi umsolwa waya esitolo wafike wafuna uhlobo oluthile lukagwayi. Kuthe uma etshelwa ukuthi ayikho inhlobo ayifunayo wabe esehosha isibhamu wadubula ngaso obengaphakathi esitolo edayisa waqeda wangena emotweni yakhe wahamba.
Umsolwa waboshwa eNew Germany, amaphoyisa ashaqa isibhamu sakhe esigunyaziwe nenoto yakhe ayehamba ngayo ngosuku lwesigameko. Umsowla waboshwa wathweswa icala lokuzama ukubulala.
Kwesinye isigameko sanamuhla amaphoyisa ophiko lwe-SAPS Provincial Tracking Team ababele endaeni yasoShikishi eMuden lapho ebophe khona umsolwa otholwe nesibhamu nezinhlamvu eziyisikhombisa ezingekho emthetwheni.
IZITHOMBE:




