
Impilo kanye nokuphila kahle kwabasebenzi eMbuthweni Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika, kuyimbangela yokukhathazeka.
Lokhu njengoba izibalo ziveza ukuthi angaphezu kuka-300 amaphoyisa azibulalele eminyakeni eyisikhombisa edlule.
Amalungu athi asebenza ngokweqile, futhi akukho ukwesekwa okwanele akunikezwayo, abanye bagcina bephethwe yi-Post-traumatic stress disorder (PTSD).
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
