Kugxekwa isenzo sokudutshulwa kwephini likaThishanhloko

Umnyango wezemfundo esifundazweni sa KwaZulu-Natal usuzwakalise ukushaqeka kulandela isenzo sokudutshulwa kwephini likaThishanhloko wesikole i Sandakahle Primary School eMlazi ngesikhathi kubanjwa inkunzi namhlanje ekuseni.

Isitatimende esikhishwe umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal sithi izigebengu bezihlose ukuduna imoto eyiveni yomunye uthisha obephambi kwalelisekela likaThishanhloko, nokuthe mebona lesisenzo wakhala kakhulu izigebengu zaphendukela kuyena zamdubula. “Yize singumnyango wezemfundo sikujabulele ukusinda komphefumulo kodwa simbi kakhulu lesisenzo sobudlobongela.” kusho isitatimende.

Ungqongqoshe wezemfundo emazingeni aphansi u Mbali Frazer uthi izikole kumele kube indawo ephephile okungamele ukuthi abafundi kanye nothisha bazizwe bengakhululekile kuyona. U Frazer ucela wonke amalungu omphakathi ukuthi alekelele ekutholweni kwalezigebengu.

One thought on “Kugxekwa isenzo sokudutshulwa kwephini likaThishanhloko

  1. **mitolyn reviews**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *